Kubulawe ungqondongqondo wokuthumba abantu waseMozambique kwesokudubulana

Amaphoyisa aseGauteng adubule abulala ungqondongqondo wokuthumba abantu odabuka eMozambique obefunwa uthuli ngabezomthetho.

UMauro Mucambe Junior udutshulwe ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo eGoli.

Umsolwa oneminyaka engu-40 ubudala uyamaniswa nezigameko eziningi zokuthumba.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMzinto

Kubikwa ukuthi ubanjwe ngesikhathi kufunwa usomabhizinisi wasePretoria West odabuka ePakistan  owayethunjiwe okunamanje usavalelekile kufunwa isamba esikhulu semali.

Kusuke isidumo, kwadutshulwana ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha.

Kutholwe isibhamu esisodwa esingekho emthethweni nezinhlamvu eziyishumi.

Kuboshwe abanye abantu ababili abasolwa ngokuthumba.

eNCA