
Umdlali weMamelo Sundowns uDivine Lunga odlala emuva, uthi iqembu lakhe lizodlala neqembu laseGermany iBorussia Dortmund emdlalweni weFIFA Club World Cup njengeqembu elincane.
Womabili la maqembu azodudulana kuGroup F eCincinnati ngezithuba zabo-18:00 ntambama.
IDortmund ibheke ukuthi iwine okokuqala kulo mqhudelwano, kodwa iSundowns iyazi ukuthi uma ingaphinde iwine ingangena igijima emzuliswaneni olandelayo.
OLUNYE UDABA: Injabulo iSundowns inqoba umdlalo wokuqala weFIFA Club World Cup
Njengoba inesikwati esiphelele futhi inomfutho, iSundowns izimisele ngokushaya abanye khona izokwazi ukuthi isondele emzuliswaneni ka-16.
IDortmund isabheka igoli layo lokuqala kwiFIFA Club World Cup yalo nyaka.
“Ngiyacabanga ukuthi wonke umuntu uyazi ukuthi iDortmund yini ekwazi ukuyenza, ayisilo iqembu elincane, bayithimba elikhulu.
“Singabantu abancane futhi ngicabanga ukuthi lapho siphuma khona abantu bayazi ukuthi kunjani ukudlala neMamelodi Sundowns, ngisho nomqeqeshi weDartmund ukhuluma ngathi uma kunezinhlolokhono.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo onzima ngokungangabazeki.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
