Kunxuswa umphakathi ukuba ubike ngobukhonyovu nenkohlakalo kulandela ukuboshwa kowebe udizili

Ibanjwe oqotsheni indoda ebizenza omunye wabasebenzi bakamasipala waseThekwini ifaka udizili kwelinye lamagalaji kaphethiloli lapho izimoto zoMkhandlu zithela khona uphethiloli

Le ndoda iboshwe ngemuva kokuba kuncinzwe indlebe uphiko lweMunicipal City Fleet Directorate manyelana nezimoto zikamasipala ezifaka uddizili izikhawu ezingaphezu kweziyishumi ngosuku.

Abaphenyi beForensic ophikweni lweCity Integrity and Investigations Directorate benze uphenyo lokuqala ngemuva kokuthola umbiko.

The suspect had duplicated the number plate and branding on the side of the car doors to make it look similar to other Municipal cars.

Bathole ukuthi i-fuel master, engaphansi koPhiko lwaManzi nokuThuthwa kweNdle, isetshenziswa yizimoto ezizimele.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasebenzi bakamasipala ngelokweba udizili

I-fuel master eyayisetshenziswa bekungeyemoto osekunesikhathi eside imile futhi esizolahlwa.

Umsolwa ubekopishe inumber plate kanye nophawu eceleni kwezicabha zemoto ukuze ifane nezinye izimoto zikaMasipala.

UMqondisi wophiko lweCity Integrity and Investigations Directorate uJimmy Ngcobo uthe kulokhu abasebenzi bakaMasipala basebenzisana nabantu bangaphandle ukwenza ukukhwabanisa nenkohlakalo.

“Umgulukudu ubenezimoto ezine ezifakwe ithangi likaphethiloli elingamalitha angu-750 ngaphansi kweveni ngayinye. Udizili owawugcwaliswe kulama thangi mase uyodayiswa kabusha. Imoto ngayinye ingenisa imali elinganiselwa ku-R78 000 ngosuku,” kusho uNgcobo.

UNgcobo uthe umsolwa ubanjwe oqotsheni ngosizo lwamaphoyisa kaMasipala kanye nenkampani ezimele iReaction Unit South Africa.

Umsolwa ubegcwalisa udizili emagalaji kaphethiloli angaphezu kwaku-15 nsuku zonke edolobheni, usho njalo.

“UMasipala ulahlekelwe yimali eningi, yingakho sicela izinhlaka ezehlukene ukuthi zibike ngokukhwabanisa nangenkohlakalo uma ukubona kwenzeka,” kusho uNgcobo.

Umsolwa uboshiwe wathweswa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo kanti uvelile enkantolo, icala lahlehliselwa u-Agasti.

Umsolwa ngesikhathi eboshwa wayegqoke umfaniswano kaMasipala kodwa wavuma ukuthi akasebenzi eDolobheni. Uqashwe ngumuntu ozimele omholela imali engu-R2000 ngosuku.

UNgcobo uthe lobu wubugebengu obuhleliwe futhi kumele busukunyelwe. Ube esenxusa umphakathi ukuba ubike amacala okusolakala ukuthi abhekiswe kwingqalasizinda kaMasipala.

Amacala okukhwabanisa nawenkohlakalo umphakathi ungawabika ngokushayela ku-0800 20 20 20 noma uthumele i-email ku- ombuds@durban.gov.za

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)