
Isigebengu esiyingozi esiyamaniswa namacala abalelwa kwangu-20 okubulala, sidutshulwe sabulawa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMzinto ngobusuku.
Umsolwa, oneminyaka engu-27 ubudala kubikwa ukuthi uvulele ngenganono ebhekise emaphoyiseni ngesikhathi esendaweni ethile ebusuku.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKZN
Lesi sigebengu sitholwe nesibhamu esingekho emthethweni.
Ngokusho kwamaphoyisa, umsolwa ubephinde abe nesandla ekubambeni inkunzi izimoto zemali kanye nokushushumbisa izidakamizwa.
Iningi lamacala asolwa ngawo uwenze eMzinto kanti amanye abikwa eScottburgh naseMlazi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
