Basezikhindini abokufika abebephoqa abesifazane ukuziqopha benza ucansi ku-internet

Owesifazane odabuka eZimbabwe nomyeni wakhe waseNigeria baboshelwe izinsolo zokushushumbisa abantu kanye nokuphoqa abesifazane ukuba benze izithombe zocansi ku-internet eTshwane.

Ngokombiko weDolobha laseTshwane, iTactical Response Team yoMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseTshwane (TMPD) ngokubambisana namaphoyisa aseNingizimu Afrika (Saps), babophe abasolwa ababili ngoMsombuluko.

“La maphoyisa ancinzwa indlebe abe eselandela umkhondo mayelana nowesifazane odabuka eZimbabwe osolwa ngokushushumbisa abesifazane abasebancane ebaphoqa ukuba bakhiqize izithombe zocansi ku-internet. Umsolwa wesifazane uthungathwe ngempumelelo watholwa emagcekeni aseGezina, ePretoria North,” kusho uSenior Superintendent Isaac Mahamba.

OLUNYE UDABA: Iminyaka ewu-5 kowadidiyela izithombe zocansi

“Umsolwa ube eseholela amaphoyisa endaweni yokuhlala esePretoria North, lapho afike athola khona izisulu ezine zabesifazane ezineminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-38 ubdala zizitika ngocansi ku-internet zisebenzisa ama-screen amakhulu nezinto zokuqopha.”

Izisulu bekungabathathu bakuleli nowokufika odabuka eMalawi abebegcinwe ngenkani kule ndawo.

Ngesikhathi kuxoxwa nabo laba besifazane badalule ukuthi omazisi babo bebegodlwe ngumsolwa wesifazane othi ungumqashi wabo.

Owesifazane waseZimbabwe ube eseboshwa ngokushesha.

Olunye uphenyo luholele amaphoyisa kwelinye ikheli, lapho kuboshwe khona umyeni walo wesizane.

Umyeni ungowokudabuka eNigeria.

Bobabili abasolwa babekwe amacala ngokusemthethweni, okushushumbisa abantu kanye nokukhiqiza ngenkani izithombe zocansi eziku-internet.

Amaphoyisa awakuchithi ukuthi kungase kuboshwe abanye abantu njengoba kuqhubeka uphenyo.

The Citizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)