
UMengameli Cyril Ramaphosa uthi uhulumeni uzobheka imbangela yezikhukhula ezihlasele endaweni yaseDecoligny eMthatha.
Lokhu kuza ngemuva kwezikhukhula okuthiwa zidalwe wukuvulwa kwamasango eMthatha Dam.
UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uzichithile izinsolo ezimayelana namasango omfula.
OLUNYE UDABA: UMengameli uRamaphosa uzovakashela e-E Cape
Abantu abashone ngenxa yezikhukhula kuleli sonto e-Eastern Cape babalelwa ku-79.
UMengameli uvakashele kule ndawo wathi lolu daba luzobhekisiswa.
Ngokusho kweziphathimandla zendawo zilinganiselwa ku-20 izikhungo zezempilo kanye nezikole ezingu-58 okwenzeke kuzo umonakalo esifundazweni sase-Eastern Cape.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
