
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ebigobe amadlangala ePort Shepstone, igwebe uRogers Perumah, 57, odilikajele ababili ngecala lokudlwengula nokubulala intombazane eneminyaka engu-9 ubudala ngoMarch 2024 eMkomaas.
UPerumah wayehlala esigodini esisodwa nesisulu futhi babazana.
Ngokusho kwesitatimende, uPerumah wayefuye inja kanti isisulu sasiyikhonzile nokwathi ngomhlaka-17 March 2024 le nja yalahleka.
UPerumah wahamba eyoyicinga komakhelwane wabe esephelezelwa yisisulu ngesikhathi kucingwa inja. Kwathi uma befika ehlathini uPerumah wajikela ingane wayibhozomela wayidlwengula. Wayishaya umzimba wonke wayiklinya wayishiya kanjalo wabaleka. Wabanjwa amalungu omphakathi ngakusasa ngesikhathi sekutholakele isidumbu.
UMshushisi u-Adv.Muziwodumo Miza ubize ufakazi owabona uPerumah ehamba nengane beyongena ehlathini.
OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala lokudlwengula elibhekene nothisha
U-Adv. Miza ubize nofakazi olandise ngolibofuzo olwatholakala enganeni. Ngaphezu kwalokho kwethulwe nesitatimende sikamama wengane asibhale eluswe wu-Beaufort Shinga oyi-Court Preparation Officer. Umama kamufi, uthe akakwazi nokulala ebusuku futhi akasabathembi abantu. Uthe ingane yakhe yayiwumuntu onomdlandla nomoya omuhle futhi yayiyikho konke kuyena.
UPerumah ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye kwelokudlengula nelokubulala. Inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi. Isicelo sakhe sokwedlulisa isinqumo senkantolo sokumlahla ngecala nokumgweba sichithiwe.
I-National Prosecuting Authority (NPA) iyasemukela isinqumo senkantolo sokumgweba odilikajele ababili ngokudlwengula ingane. Lesi sigwebo sikhomba indlela umthetho owabeka ngayo eqhulwini amacala okuhlukunyezwa kwababuthaka. I-NPA igcizelela isifungo sayo sokulwela abagilwa bodlame lobulili bathole ubulungiswa futhi sizoqhubeka nokulwella ukuthi izigilamkhuba zisuswe emphakathini zijeziswe kanzima. Ubulungiswa benzekile futhi amalungelo nesithunzi sezingane kuvikeliwe.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
