Isimo sezulu esishubisa umnkantsha sisaqhubeka ezindaweni zakuleli

Amathimba abhekelele izinhlekelele aziqaphe ngeso lokhozi izehlakalo ezihlobene nesimo sezulu, njengoba isimo esishubile silokhu siqhubekile nokuhlasela ezweni lonke.

Iqhwa seluvele lumboze izingxenye ze-Eastern Cape, Free State naKwaZulu-Natal ngenxa yokukhithika.

Izindaba ezinhle ukuthi, iSouth African Weather Service ilindele ukuthi isimo esishubile sibe ngcono ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Kubikelwe oMasipala baseKZN ukuba balungiselele isimo sezulu esingesihle

Kodwa namuhla, izakhamuzi kumele zilungiselele usuku olumakwe njengolubanda kakhulu onyakeni eGauteng.

Khonamanjalo, KwaZulu-Natal, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uSenzo Mzila, uthe amathimba abhekelele izinhlekelele ami ngomumo njengoba iMidlands ibhekene nesithwathwa.

Ukuwa kweqhwa eKokstad kuholele ekutheni kuvalwe imigwaqo esifundazweni.

UMnyango wezokuThutha esifundazweni uthi umgwaqo u-R617 phakathi kwaseKokstad naseMgungundlovu uvaliwe kanjalo nezingxenye ezithile zikathelawayeka u-N2.

Abashayeli bezimoto baphinde banxuswa ukuthi babambezele uhambo lokuya eKokstad njengoba sekukhona amaloli abhajwe emzileni okudale isiminyaminya.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)