
INkantolo yeSifunda ePinetown igwebe uSiyabonga Innocent Shezi, 30, udilikajele ngokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisihsiyagalombili ubudala ngoJanuary 2023 eShongweni.
Ngaphambi kwesigameko, uShezi walanda ingane kumama wayo owayeyintombi yakhe asebahlukana nayo, njengomuntu ofuna ukuyohlala nayo isikhashana kubo.
Esikhundleni sokuya nayo kubo waya emfuleni lapho afika wayiklinya ngentambo yebhulukwe layo ingane.
UShezi eqeda lokhu washayela udadewabo wowayeyintombi yakhe ucingo emazisa ukuthi useyibulele ingane wamyalela nokuthi isidumbu sikuphi.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kolahlwe ngecala lokudlwengula
UShezi waboshwa emuva kokuthi udaba lubikwe emaphoyiseni
Ngokwesitatimende se-NPA, uMshushisi uRowan Souls ubize umama wengane wafakaza. Abameli bakammangalelwa kube khona abakuvumayo enkantolo.
Umbuso ubize udokotela owahlola isidumbu wasiqinisekisa ukuthi imbangela yokushona kwengane ukuklinywa nokulimala ekhanda.
USouls ethula isiphakamiso sesigwebo esiqinile, wethule isitatimende sikamama wengane asibhale eluswe wuNomonde Zokwana oyi-Court Preparation Officer. Umama wengane uthe ukushona kwendodana yakhe kumphazamise kakhulu emqondweni.
Uthe, “Ubeyingane enomdlandla nothando futhi ethanda umsebenzi wesikole. Wangitshela ukuthi ufisa ukuba wummeli uma esekhulile. Ubezosebenza ashintshe impilo yethu kodwa zonke lezo zifiso zishabalele.”
UShezi ugwetshwe udilikajele futhi inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
Siyi-NPA sigcizelela isifungo sethu sokugcina umthetho silwele ubulungiswa ngaphandle kokwesaba nokwenzelela. Sizovikela amalungelo nesithunzi sabantu ikakhulu izingane nabanye ababuthaka.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
