Usagqunywe esitokisini umama ‘owadayisela’ isangamo ingane ngo-R75 000

UKeneilwe Shabalala uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark namuhla nowesilisa ogamalakhe nguSebokoane Khoanyana osolwa ngokweba ingane.

Icala lihlehliselwe uLwesine ukuze umsolwa wesibili akwazi ukufaka isicelo sommeli wesihe.

Bobabili abasolwa babhekene necala lokushushumbisa umuntu nokubulala okuhleliwe.

NgoNovember wangonyaka odlule, uKeneilwe Shalaba wabika ngokuthunjwa kwengane yakhe, waboshwa ngemuva kwezinsuku ezintathu kulandela ukuvuma ukuthi wayidayisela isangoma ingane.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngokutholakala kwesidumbu sentombazane esishumpulwe isitho sangasese

Ngemuva kophenyo, kwatholakala iselula eyaholela amaphoyosa kuKhoanyana.

Ngesikhathi eboshwa naye wavuma ukuthi ikhona indima yakhe ekunyamalaleni kwengane wabe esekhomba lapho ingane ingcwatshwe khona.

Bobabili babhekene namacala okushushumbisa umuntu, ukubulala ngenhloso kanti umama wengane yena uphinde abhekane nelokwenza isitatimende esingelona iqiniso emaphoyiseni nelokwakha itulo lobugebengu.

“Umbuso awuhambisani nokudedelwa komsolwa wesibili, Nkosi yeNkantolo, sicela icala lihlehliselwe umhlaka-5 June ngokuhambisana nohlelo lukaKhoanyana lokufaka isicelo sisizo lommeli wesihe,” kusho umshushisi woMbuso uMoses Radisela.

Bobabili abasolwa bazogqunywa esitokisini baze baphinde bavele enkantolo ngoLwesine.

EWN

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)