Oklebe sebegaxe owesilisa ozankosi ngokusabisa uRamaphosa

Amaphoyisa ophiko loKlebe abophe indoda eGermiston, eGauteng, ngokusabisa uMengameli Cyril Ramaphosa.

Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala ubanjwe wuphiko lwamaphoyisa oKlebe, iCrime Against The State (CATS) ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Uzovulwa kusasa umgwaqo oseduze naKwaMashu okubanjwe kuwo imoto yemali

Ekuqaleni kwale nyanga, umsolwa kusolakala ukuthi wathumela umyalezo ku-CEO wenkampani ezinze eKapa esabisa umndeni wakhe kanye neMeya yaseKapa uGeordin Hill-Lewis.

Izizathu ezidala lezi zinsongo azikaziwa.

“Udaba lwabikwa kwithimba loKlebe elizinze eKapa, ​​iCATS, okuyilo olwenze uphenyo olusheshayo nolwaholela ekutheni umsolwa abanjwe eGauteng,” kusho okhulumela oKlebe kuzwelonke uThandi Mbambo.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoMsombuluko.

“Umsolwa uzohanjiswa eKapa, ​​lapho ezobhekana khona necala lokusabisa.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *