Uhlalele ovalweni umphakathi waseMlazi kulandela isigameko sokubulawa kwabantu abangu-8

Amalungu omphakathi esigcemeni sakwa-U eMlazi athi asabela izimpilo zawo kulandela ukudutshulwa kwabantu abayisishiyagalombili esigamekweni sokubulala.

Leli qembu beliphuza endaweni yasemijondolo ngoLwesihlanu, ngesikhathi lihlaselwa.

USiyanda Biyela weCommunity Policing Forum(CPF) uvakashele endaweni yesigameko ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Sekuqalile ukuthungathwa kwabasolwa ngokubulala 8 wabantu emjondolo eseMlazi

Uthe omunye wabashonile ubeyilungu le-CPF.

“Akekho noyedwa obefuna ukukhuluma ngenxa yokushaqeka, abanye bakubukana emehlweni befuna ukubona ukuthi uzokhuluma uthini, kuthi ngemuva kwalokho kuba nguwe olandelayo,” kusho uBiyela.

“Ngakho-ke, lokhu kuveza ukuthi kukhona okwenzakalayo kulezi zindawo ukuvala abantu imilomo.”

UBiyela uthe kuyakhathaza ukubulawa kwamalungu e-CPF.

“Ukuba yilungu le-CPF ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule kusidalela amazinyo abushelelezi.

“Sicela uNgqongqoshe wamaPhoyisa nabo bonke ongqongqoshe esifundazweni ukuthi kuhlalwe phansi kubhekwe imigomo engasiza ekutheni amalungu e-CPF  ahlale ephephile njengoba elekelela amaphoyisa akwaSAPS. “

Amaphoyisa aseqale uphenyo lokubulala.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *