
INational Prosecuting Authority ithi iphenya ngokuziphatha kwabashushisi bayo ababandakanyeka ecaleni likaTimothy Omotoso.
Ngenyanga edlule, inkantolo enkulu yase-Eastern Cape yamthola engenacala u-Omotoso kanye nabanye ababili abekwe nabo amacala okudlwengula nokushushumbisa abantu.
U-Omotoso ubenesonto eThekwini esolwa ngokuhlukumeza amantombazane nezintombi ezihlala emzini oyisithabathaba ayeqashe kuwo eMhlanga.
Inkantolo inqume ukuthi umbuso wehlulekile ukufakazela icala lawo futhi yakhomba amaphutha kanye nokuziphatha okungafanele komshushisi.
OLUNYE UDABA: U-Omotoso udedelwe ngenxa yephutha loMnyango wezaseKhaya
NgoLwesihlanu, iKomidi lePhalamende lezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo lipheke ngebhodwe elincane inhloko ye-NPA uShamila Batohi mayelana nokuphathwa kwaleli cala.
UBatohi utshele amalungu ePhalamende ukuthi uphenyo lwaqala ngo-August wangonyaka odlule ukuze kubhekwe ukungaziphathi kahle okungenzeka kanye nokuhlola ikhono lethimba eliphethe icala.
“Ngenxa yokuthi isinqumo sangomhlaka -2 kuApril siphinde sagxeka abashushisi abathile, lolo phenyo lube selunwetshwa ukuze lugxile kulo lonke ithimba labashushisi,” kuchaza uBatohi.
“Uma uphenyo luqinisekisa noma yikuphi ukungaziphathi kahle okungenzeka, izindaba zizodluliselwa eHhovisi le-NPA Lokuziphatha Nokuziphendulela, phecelezi i-Office of Ethics and Accountibility (OEA), ukubhekana nalawo macala.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
