
Abaseshi bamaphoyisa ophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Unit babophe owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala ngcala lokuqamba amangaelokuphambana nengalo yomthetho kulandela ukubika icala lomgunyathi lokudlwengulwa nokuthunjwa esiteshini samaphoyisa aseVerulam ngomhlaka-2 May 2025.
Lo wesifazane wabika emaphoyiseni ukuthi wayesemcimbi nabangani bakhe eWaterloo ngesikhathi omunye wabangani bakhe wabiza u-Uber/Bolt owawuzobahambisa ekhaya, kodwa kunalokho umshayeli wabahambisa eThekwini.
Lo wesifazane waqhuba ngokuthi wabe esephoqeleka ukuba adlulisele ushekhasi owawunokuthile angakwazi komunye umshayeli.
OLUNYE UDABA: “Ubonakala engenankinga nokuba sejele umama kaJoshlin Smith”
Abagibeli bakuleyo moto babe sebemthatha behamba naye beya ekilabhini eseClaremont lapho ashaywa khona, waphoqwa ukuba adle izidakamizwa waphinde wadlwengulwa ngamadoda amaningi.
Amaphoyisa avule amacala okudlwengula nokuthumba kanti abesevele ethungatha abasolwa ngesikhathi uphenyo luveza ukuthi ummangali waqamba amanga ngesigameko sokudlwengulwa kwakhe.
Ummangali ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi wayeqamba amanga ngoba esaba umama wakhe futhi engafuni ukuzihlaza emphakathini.
OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka elishumi ebhadle ejele owakha itulo lokubulala iphoyisa
Ngokwesitatimende samaphoyisa lo wesifazane waboshwa wabekwa icala. Uvele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoMsombuluko wadedelwa ngebheyili.
UKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi usethumele umyalezo oqinile kubantu ababika amacala angeselo iqiniso, wathi amaphoyisa azoqinisekisa ukuthi babhekana nemiphumela yezenzo zabo ezingezinhle.
“As police we are doing everything we can to end the scourge of gender-based violence, and all acts of criminality directed to women and children. We cannot afford to have women reporting imaginary cases for their own benefit. Many men could have been arrested and detained out of lies, and such would incur civil claims against the police. Reporting of fake cases is a waste of police’s human and physical resources and anyone who does that will be prosecuted accordingly”, said Lieutenant General Mkhwanazi.
“Njengamaphoyisa senza konke okusemandleni ukuqeda isihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili, nazo zonke izenzo zobugebengu ezibhekiswe kubantu besifazane nezingane. Asikwazi ukuthi sibe nabantu besifazane ababika amacala abasuke bezakhele wonza ukuze kusizakale bona. Maningi amadoda abengaboshwa futhi avalelwe ngamanga, futhi lokho kungafaka izicelo zomphakathi emaphoyiseni. Ukubikwa kwamacala angumgunyathi kuwukumosha izinsizakusebenza zamaphoyisa futhi noma ngubani owenza kokho uzoshushiswa,” kusho uMkhwanazi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
