U-Eskom usumemezele isigaba sesibili sokucishwa kukagesi

Inkampani ehlinzeka ngogesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi izoqalisa isigaba sesibili sokucishwa kukagesi kusukela namuhla(ngoLwesibili) ngo-16:00 kuze kushaye uLwesine ngo-22:00 ebusuku ngoLwesine.

Lokhu i-Eskom ithi kuzokwenzeka ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ugesi ukhona emini ngesikhathi sokusebenza.

OLUNYE UDABA: Umbiko: Eskom usuqalise isigaba-2 sokucishwa kukagesi

Lesi sinqumo silandela ukulibaziseka kokubuyiselwa kwamayunithi okukhiqiza afinyelela ku-3 120MW, kanye nokulahlekelwa okwengeziwe kuka-1 385MW emahoreni angama-24 adlule ngenxa yokuphuka okungalindelekile.

U-Eskom uyaxolisa ngokuphazamiseka okudalwe yilokhu.

Enkundleni yezokuxhumana i-X:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *