
UMojalefa Savhuli oneminyaka emithathu ubudala uzobekwa endlini yakhe yokugcina namuhla
Izongcwatshwa namuhla ingane yomfana eneminyaka emithathu ubudala olutholwe isidumbu sakhe emhosheni eTshepisong entshonalanga neGoli.
OLUNYE UDABA: Umfana, 3, utholwe emfuleni esephume umphefumulo
Kwabikwa ukuthi uMojalefa Savhuli ulahlekile esikhathini esingangesonto eledlule.
Kuthiwa wahamba elandela ezinye izingane ezaziya esitolo sendawo.
Isidumbu salo mfanyana sitholwe emhosheni ngoLwesine ngesonto eledlule.
Imbangela yokushona kwale ngane ayikaziwa.
Uphenyo luyaqhubeka
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
