Owayengumqondisi we-NPA eKZN uzomela abasolwa ngokubulala u-AKA

Amadoda amahlanu asolwa ngokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello Motsoane avele okokuqala eNkantolo eNkulu yaseThekwini namuhla.

Esikhathini esingaphezudlwana nje kweminyaka emibili kwaqhunyiswa izibhamu ngaphandle kwesitolo sokudlela esikuFlorida Road, okuyilapho okwashonela khona lo mrepha.

Ngesikhathi kuqhubeka icala namuhla ekuseni, inkantolo ilalele ukuthi u-Advocate Cyril Mlotshwa nguye osezomela abasolwa abahlanu.

UMlotshwa, owake waba ngumqondisi wezokushushiswa komphakathi eKZN, ubengekho enkantolo ngoLwesine.

Inkantolo izwe ukuthi uMlotshwa njengamanje useSwatini, uyomela khona izelamani zakwaNdimande.

OLUNYE UDABA: UMchunu usigxekile esokuhlaselwa nokubulawa kwabaqaphi bomphakathi eSoshanguve

Izelamani zingabasolwa ababili abasele kuleli cala, abebelwela ukuthi babuyiselwe eNingizimu Afrika, ukuze babendawonye nabanye abasolwa abahlanu.

Lezi zelamani zadlulisela isinqumo sokuba babuyiselwe ekhaya ngo-August 2024, kodwa abashushisi bombuso ezweni elingumakhelwane baphikisa ngokuthi isicelo sasiyize njengoba bekholelwa ukuthi asizange sifakwe ngesikhathi.

Inkantolo ephakeme yaseSwatini ayizange ivumelane nabo, ngakho abashushisi badlulisela icala eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ngoLwesine.

Umbuso kanye nabameli bezokuvikela bavumile ukubhekana nezinkinga ezandulela ukuqulwa kwecala ngoJune.

Abaseshi bakholelwa ekutheni laba abayisikhombisa bakha itulo lokubulala uForbes base beqhubeka nalo ngezinsolo zokuhlukaniselana imali engu-R800 000.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *