
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy unqamule uhambo lwakhe lwaseNingizimu Afrika ngemuva kokuba kuhlaselwe eKyiv.
UZelendskyy enkundleni yezokuxhumana i-X uthe: “Ngikhansela ingxenye yohlelo lohambo lwami ngizobuyela e-Ukraine ngokushesha ngemuva komhlangano nomengameli waseNingizimu Afrika.
“Ungqongqoshe wezangaphandle wase-Ukraine uzobamba yonke imihlangano edingekayo eNingizimu Afrika ukuze azise ngokugcwele abaholi bezwe bezombusazwe kanye nezinhlaka zomphakathi ngalesi simo.”
OLUNYE UDABA: Izinhlelo zokuqoka ibhunu njengenxusa lakuleli e-US zidala uqhekeko ku-ANC
UMengameli Cyril Ramaphosa nguye osingathe uZelenskyy e-Union Buildings ePitoli.
Lolu hambo kuhloswe ngalo ukuqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Ukraine.
Lolu, bekunguhambo lokuqala olusemthethweni lukamengameli waseUkrain oluza eNingizimu Afrika.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Dirk Kotzé, uthe lokhu kuxoxisana kubalulekile ngoba kuveza ukubaluleka kweNingizimu Afrika emhlabeni jikelele.
Wengeza ngokuthi kuphinde kuvumele i-Ukraine ukuthi ikhombise ukuthi ayikahluleki kule mpi yayo neRussia futhi inokwesekwa ngamazwe, ikakhulukazi ezweni elisesigabeni sobumengameli be-G20.
Okubhalwe umengameli wase-Ukrain ku-X:
It is an honor for me to be in the Republic of South Africa today on my first visit. This morning, our country endured another Russian attack — a massive one, with over 200 aerial threats: missiles, including ballistic ones, and attack drones. Unfortunately, there have been… pic.twitter.com/cu4lKloOKp
— Volodymyr Zelenskyy / Володимир Зеленський (@ZelenskyyUa) April 24, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
