Libuyela enkantolo elokubulawa kukaMeyiwa

Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa libhekene nenye inkinga futhi.

U-Advocate Charles Mnisi, ongummeli omusha kamsolwa nombolo-1 uMuzi Sibiya, ukubeke kwacaca ukuthi uzohoxa ekubeni ngummeli kaSibiya uma enganikwa isikhathi esengeziwe sokuzilungiselela.

OLUNYE UDABA: Liphinde lahlehla elokubulawa kukaMeyiwa

Lo mnqamulajuqu wakhe uza ngemuva kokuba inkantolo isichithile isicelo sakhe sakamuva, nangaphezu kokuba icala lahlehliswa ngokwedlule, lihlehliswa izinyanga ezimbili nesigamu.

IJaji uRatha Mokgoatlheng unikeze uMnisi kuze kube uLwesibili ukuthi aqale ukupheka ngemibuzo umphenyi ohamba phambili kuleli cala, uBongani Gininda.

Icala libuyela eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Amadoda amahlanu abhekene necala lokudubula abulale uMeyiwa eVosloorus, eGauteng, ngo-October 2014.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

One thought on “Libuyela enkantolo elokubulawa kukaMeyiwa

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *