
Ingozi enyantisayo yemoto idlule nomphefumulo womuntu oyedwa yashiya abanye abathathu belimele, okuhlanganisa nengane encane, ngeSonto ebusuku eReservoir Hills.
Ngemuva kwezithuba zabo-18:39, abosizo lokuqala i-KZN VIP Medics bafike endaweni yesigameko ku-Mount Batten Drive eduze kwase-BP Garage.
Ngesikhathi befika, abezimo eziphuthumayo bahlangatshezwa isimo esisabekayo. Kuthiwa imoto ibingasalawulekile yayoshayisana nesihlahla, yabe isigingqika.
OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi esibhedlela oshayise isigodi ehamba ngesithuthuthu
Kubikwa ukuthi bekunabagibeli abane emotweni ngesikhathi sesigameko, okuhlanganisa nengane eneminyaka emibili ubudala.
Umshayeli, ongowesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka ebalelwa ko-30 ubudala, ulimale kanzima kanti uhlengwe njengoshonile khona endaweni yesigameko.
Abagibeli abathathu, okuhlanganisa nengane encane, balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba bathunyuswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole okunye ukwelashwa nezinye izinsiza zezempilo, bephuthunyiswa ngabe-KZNVIP MEDICS.
Imbangela yengozi ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa ophiko lwamaphoyisa i-South African Police Service (SAPS) abekhona kanti aseqale uphenyo mayelana nezimo ezenzeke kulesi sigameko.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
