
Kunxuswa umphakathi ukuba uqaphele isexwayiso sezulu esikhishwe yiSouth African Weather Services (SAWS) kusukela Phakathi kwamabili namuhla kuya Phakathi kwamabili kusasa.
Lesi sibikezelo sezulu sikhomba ukuthi kuzoba nemvula enamandla ehambisana nokuduma elindeleke esifundazweni iKwaZulu-Natali yonkana kuhlanganisa neTheku.
Isibikezelo sezulu sikhombisa ukuthi kunamathuba amakhulu ezimvula ezinamandla ezindaweni eziningi zesifundazwe lapho kungalindelwa khona ukuthi le mvula ibe nomthelela omubi njengokulimala kwengqalasizinda enjengemigwaqo, ilimaze izindawo zokuhlala ikakhulukazi izindlu zodaka.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuduma kwezulu okunamandla KwaZulu-Natal
Lesi simo sezulu singenza nokuthi kushayeleke kanzima emigwaqweni, kulimale ingqalasizinda, izimoto, nabantu, kuphazamiseke ugesi ngenxa yombani omkhulu, kuphinde kube nengcuphe yokumosheka kwempahla.
Kunxuswa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela, bagcine ibanga eliphephile phakathi kwezimoto uma beshayela emigwaqweni emanzi.
Abashayeli belulekwa ngokuthi bagweme ukuhamba, ikakhulukazi emabhulohweni eqa amanzi ngaphezulu.
UPhiko lweziNhlekelele lukaMasipala neminye iminyango ebhekelele izimo eziphuthumayo basiqaphile lesi simo futhi bami ngomumo ukubhekana naso.
Umphakathi ukhuthazwa ukuba ulalele imisakazo futhi ulandele nezinkundla zokuxhumana ukuze uthole lonke ulwazi ngokwenzekayo.
UMasipala weluleka izakhamizi ukuba ziqaphele futhi zihlale ezindlini.
Umphakathi uyakhunjuzwa nokuthi ungazami ukuwela imifula nemihosha.
Umphakathi ungaxhumana nesikhungo sezinhlekelele sikaMasipala ku-031 361 0000 uma kunezimo eziphuthumayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
