“I-ANC ayinalo ilungelo lokuvimba i-SACP ukuthi iphume ibhodwe layo”

I-South African Communist Party (SACP) ithe i-African National Congress (ANC) ayinalo ilungelo lokuyivimba ukuthi ingenele ukhetho iyodwa.

Ngale kokhetho lokuchibiyela eFree State lwango-2017, i-SACP ihlezi ingeneae ukhetho ngaphansi kwe-ANC.

Kamuva nje, i-ANC ibhalisele ukungahambisani nalesi sinyathelo, yathi yisimo esingesihle njengoba ivoti lizohlukaniswa phakathi kwamadlelandawonye.

OLUNYE UDABA: I-SACP izongenela ukhetho lomasipala lwango-2026 ngaphandle kwe-ANC

Kwisithangami sabezindaba ngeSonto, uNobhala Jikelele we-SACP, uSolly Mapaila, uthe iqembu likubonile ukuphikisa kwe-ANC, kodwa liqhubekela phambili.

“I-ANC ayinalo ilungelo lokusivimba ukuthi singenele ukhetho. Siyinhlangano ezimele ngokwethu, sisebenzisana ne-ANC. Sizoludingida udaba lobudlelwano bethu nobulungu bethu obukabili.”

Ngokombiko we-EWN, uMapaila uthe isinqumo seqembu sokungenela ukhetho bodwa sigqugquzelwe wukufuna ukuba nezwi eliningi ezindabeni zokubusa.

“Okwamanje, i-ANC isasimele kuhulumeni futhi sicabanga ukuthi isisithathele izinqumo ezingezinhle kakhulu – ngaphezu kwalokho, ezikhathini eziningi ingenzi lutho ngaphandle kokubonisana nathi. Lokho kuyingxenye yesizathu esathi makubunjwe kabusha umfelandawonye, ​​ukuze kube nokubuyekezwa mayelana nendlela uguquko olusebenzisa ngayo igunya kanye nomsebenzi walo eNingizimu Afrika.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

One thought on ““I-ANC ayinalo ilungelo lokuvimba i-SACP ukuthi iphume ibhodwe layo”

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *