Lususe omkhulu umsindo udaba lukaCwecwe ezweni

Pretoria – Sekuqubule umsindo ukudlwengulwa kukaCwecwe oneminyaka eyisikhombisa okusolakala ukuthi wadlwengulwa engaphakathi emagcekeni esikole iBergview College eMatatiele e-Eastern Cape.

Le ntombazanyana kuthiwa ihlaselwe emagcekeni esikole ngesikhathi elinde ezokuthutha.

Lesi sikole sithole ukugxekwa okukhulu ngokungaphathwa kahle kwecala.

OLUNYE UDABA: Obenza izigidi ngokusabalalisa ezocansi ufake esokuthola ummeli wesihe

Inhlangano elwela amalungelo abantu, i-Not In My Name ifuna ubulungiswa kanye nokuphela kwezenzo zobudlova ezinjalo.

Ngokwe-eNCA, Themba Masango we-Not In My Name uthi, abomthetho kumele babuze futhi bahlole abasebenzi besikole bese bethola umenzi wobubi.

Khonamanjalo, iqembu lezepolitiki i-United Democratic Movement (UDM) e-Eastern Cape idinwe igane unwabu ngodaba olubuhlungu lukaCwecwe.

I-UDM ithi kuyakhathaza kakhulu ukuthi, nangaphezu kokuba odokotela sebekuqinisekisile ukuthi wadlwengulwa, akukaboshwa muntu.

“Sidlulisa ukwesekwa kwethu ngokugcwele kuCwecwe nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima. Siyawuncoma uMnyango wezeMfundo ngesinqumo sawo sokuhoxisa i-Bergview College, kodwa lesi kusayisinyathelo sokuqala. Ukwehluleka ukuvikela ingane esikhungweni semfundo kukhombisa inkinga ejulile ezikoleni zethu.

Sifuna isinyathelo esisheshayo kuMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuze kuzoshesha  uphenyo siphinde siqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Ama-agency ezomthetho awakwazi ukuqhubeka nokuhluleka ukusiza izisulu, ikakhulukazi izingane ezisencane. Sicela uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, aqinise ezokuphepha ezikoleni ukuze kugwenywe ukuthi izigameko ezifuze lezi zingaphinde zenzeke.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu kanye namaphoyisa i-SAPS bafuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi njengamanje udaba lukaCwecwe yilo oluseqhulwini.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngezinsolo zezepolitiki esikoleni saKwaDukuza

Izinhlangano, i-Not In My Name International, ne-Youth League yoMkhonto weSizwe (MK) zingamaqembu amabili alulandelayo lolu daba lukaCwecwe, osekudonse amehlo ezweni.

UNobhala-jikelele we-Not In My Name International, uThemba Masango, usebize lesi sigameko njengobugebengu obunyantisayo obufuna kuthathwe izinyathelo ngokushesha.

“Abomthetho kumele balibeke eqhulwini leli cala futhi baqinisekise ukuthi kunendlela ehlelekile abaliphatha ngayo ukuze bakugweme ukuphinde bazwise izisulu ubuhlungu. Uphiko oluyisipesheli oluvikela izingane okumele luhole lolu phenyo futhi lusebenzisane nezenhlalakahle kanye nongoti bezobunhloli ukuze kuqoqwe ubufakazi ngokucophelela,” kusho uMasango.

I-MK Youth League yengeze ngokuthi ihlukumezeke kakhulu ngesenzo sikathishanhloko, “ohlulekile ukwazisa uMnyango wezeMfundo noma ezinye iziphathimandla ngokwenzekile.”

“Nakuba abazali bakaCwecwe balusukumela icala, babika ngesigameko futhi bafunela nengane yabo usizo lwezempilo, ubuholi besikole bona abuzange benze lutho.

“Okukhathaza kakhulu wukuthi (uthishanhloko) wenqabile ukubambisana nophenyo, wagodla ulibofuzo lwakhe yize umshayeli wesikole nalowo osebenza ngokubhekelela isikole bavuma ukunikeza amasampula abo olubofuzo ukuze ahlolwe,” kusho bona.

OLUNYE UDABA: I-MK Party izovulela i-AfriForum amacala okuvukela umbuso

“Lokhu kwenqaba ukuthobela iziphathimandla akugcini nje ngokuphazamisa uphenyo kodwa kuphinde kuqubule imibuzo ebucayi mayelana nokubandakanyeka kwakhe ecaleni.”

The youth league said rather than taking responsibility, the principal issued a transfer letter to Cwecwe’s parents.

NgoLwesihlanu, uNgqongqoshe wezeMfundo, uSiviwe Gwarube, uthe unolwazi ngalolu daba futhi usexhumane noMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape.

Okhulumela uKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uBrigadier Nobuntu Gantana, uthe isigameko sabikwa emaphoyiseni aseMatatiele ngomhlaka-16 Okthoba 2024.

“Icala lokudlwengula labhaliswa, kanti umsolwa usathungathwa. Isisulu, saluthole usizo lwezempilo nokwelulekwa ngokwengqondo,” kusho uGantana.

UGantana wengeze ngokuthi i-SAPS Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) Unit yalusukumela ngokushasha lolu phenyo.

“I-SAPS isebenzisana kakhulu nosonhlalakahle kanye nezinhlangano ezeseka izisulu ukuqinisekisa ukuthi umndeni uthola usizo oluphelele.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uthe bathathu abantu okuhlanganisa nothishanhloko abahlonzwe njengabasolwa kuleli cala..

Le ntombazanyana kuthiwa ihlaselwe emagcekeni esikole ngesikhathi elinde ezokuthutha.

Lesi sikole sithole ukugxekwa okukhulu ngokungaphathwa kahle kwecala.

Inhlangano elwela amalungelo abantu, i-Not In My Name ifuna ubulungiswa kanye nokuphela kwezenzo zobudlova ezinjalo.

UThemba Masango weNot In My Name uthi abomthetho kumele babuze futhi bahlole abasebenzi besikole bese bethola umenzi wobubi.

Khonamanjalo, iqembu lezepolitiki i-United Democratic Movement (UDM) e-Eastern Cape idinwe igane unwabu ngodaba olubuhlungu lukaCwecwe.

I-UDM ithi kuyakhathaza kakhulu ukuthi, nangaphezu kokuba odokotela sebekuqinisekisile ukuthi wadlwengulwa, akukaboshwa muntu.

“Sidlulisa ukwesekwa kwethu ngokugcwele kuCwecwe nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima. Siyawuncoma uMnyango wezeMfundo ngesinqumo sawo sokuhoxisa i-Bergview College, kodwa lesi kusayisinyathelo sokuqala. Ukwehluleka ukuvikela ingane esikhungweni semfundo kukhombisa inkinga ejulile ezikoleni zethu.

Sifuna isinyathelo esisheshayo kuMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuze kuzoshesha  uphenyo siphinde siqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Ama-agency ezomthetho awakwazi ukuqhubeka nokuhluleka ukusiza izisulu, ikakhulukazi izingane ezisencane. Sicela uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, aqinise ezokuphepha ezikoleni ukuze kugwenywe ukuthi izigameko ezifuze lezi zingaphinde zenzeke.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu kanye namaphoyisa i-SAPS bafuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi njengamanje udaba lukaCwecwe yilo oluseqhulwini.

Izinhlangano, i-Not In My Name International, ne-Youth League yoMkhonto weSizwe (MK) zingamaqembu amabili alulandelayo lolu daba lukaCwecwe, osekudonse amehlo ezweni.

UNobhala-jikelele we-Not In My Name International, uThemba Masango, usebize lesi sigameko njengobugebengu obunyantisayo obufuna kuthathwe izinyathelo ngokushesha.

“Abomthetho kumele balibeke eqhulwini leli cala futhi baqinisekise ukuthi kunendlela ehlelekile abaliphatha ngayo ukuze bakugweme ukuphinde bazwise izisulu ubuhlungu. Uphiko oluyisipesheli oluvikela izingane okumele luhole lolu phenyo futhi lusebenzisane nezenhlalakahle kanye nongoti bezobunhloli ukuze kuqoqwe ubufakazi ngokucophelela,” kusho uMasango.

I-MK Youth League yengeze ngokuthi ihlukumezeke kakhulu ngesenzo sikathishanhloko, “ohlulekile ukwazisa uMnyango wezeMfundo noma ezinye iziphathimandla ngokwenzekile.”

“Nakuba abazali bakaCwecwe balusukumela icala, babika ngesigameko futhi bafunela nengane yabo usizo lwezempilo, ubuholi besikole bona abuzange benze lutho.

“Okukhathaza kakhulu wukuthi (uthishanhloko) wenqabile ukubambisana nophenyo, wagodla ulibofuzo lwakhe yize umshayeli wesikole nalowo osebenza ngokubhekelela isikole bavuma ukunikeza amasampula abo olubofuzo ukuze ahlolwe,” kusho bona.

“Lokhu kwenqaba ukuthobela iziphathimandla akugcini nje ngokuphazamisa uphenyo kodwa kuphinde kuqubule imibuzo ebucayi mayelana nokubandakanyeka kwakhe ecaleni.”

The youth league said rather than taking responsibility, the principal issued a transfer letter to Cwecwe’s parents.

NgoLwesihlanu, uNgqongqoshe wezeMfundo, uSiviwe Gwarube, uthe unolwazi ngalolu daba futhi usexhumane noMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape.

Okhulumela uKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uBrigadier Nobuntu Gantana, uthe isigameko sabikwa emaphoyiseni aseMatatiele ngomhlaka-16 Okthoba 2024.

“Icala lokudlwengula labhaliswa, kanti umsolwa usathungathwa. Isisulu, saluthole usizo lwezempilo nokwelulekwa ngokwengqondo,” kusho uGantana.

UGantana wengeze ngokuthi i-SAPS Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) Unit yalusukumela ngokushasha lolu phenyo.

“I-SAPS isebenzisana kakhulu nosonhlalakahle kanye nezinhlangano ezeseka izisulu ukuqinisekisa ukuthi umndeni uthola usizo oluphelele.”

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uthe bathathu abantu okuhlanganisa nothishanhloko abahlonzwe njengabasolwa kuleli cala.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

One thought on “Lususe omkhulu umsindo udaba lukaCwecwe ezweni

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *