
Inyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers’ Union (SADTU) KwaZulu-Natal ayeneme ngesabelomali esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali uFrancois Rodgers.
Le nyunyana ithi isabelomali esethulwe izolo asiyilungisi ngokwanele indaba yokuqashwa ngokugcwele kothisha.
UMnyango wezeMfundo esifundazweni uthola isabelo esikhulu ngokunikwa isamba semali engu-R66.7 billion, okusho ukukhuphuka ngo-R3.7 billion.
Yize kunjalo, uNobhala we-SADTU eKZN, uNomarashiya Caluza, uthi isabelomali asisho luthi ngodaba lokuqashwa ngokugcwele kothisha.
OLUNYE UDABA: Isabelomali saseKZN: Izinkinga zamanzi ‘kumele zibekwe eqhulwini’
“Isabelomali asizixazululi ngokwanele izinselelo ezikhona kanye nalezo ezisaqhubeka ezivele zikhona, ukugcwaliswa kwezikhala zothisha noma izikhala zothisha ezikoleni nasehhovis. Ngisho nokuqashwa kwabasizi bothisha akuzivali izikhala, yingakho bezogcina besetshenziswa njengothisha ekubeni sinezinkulungwane zothisha abangasebenzi.
UCaluza uphinde waveza ukuthi lesi sabelomali asinendaba nosizi lothisha bakwa-Grade R kanti futhi lokhu kuphambene nezimiso zomthetho iBasic Education Laws Amendment Act.
“Kunomthetho i-BELA Act ophasiswe ngeledlule othi othisha bakaGrade R mabaqashwe ngokugcwele futhi baqokwe ngokomthetho we-Employment of Educators Act kodwa akukho okuhlinzekelwe lokho kwisabelomali sakhe. Kuthule nje uma kuza kulolu daba olubucayi kangaka olukhuluma ngempilo yothisha bakwaGrade R asebegugile ohlelweni bebe behola imali encane kanti futhi alukho nosizo lokuqinisekisa isisekelo somnyango.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
