
Durban – INkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko ithole indoda eneminyaka engu-34 ubudala inecala lokuhlasela ibulale endaweni eseduze nenxanxatghela yezitolo ngonyaka odlule.
UNomfundo Msibi ongumama wendodana yakhe eneminyaka emihlanu ubudala, wagwazwa amanxeba angaphezu kweyishumi.
Ngemuva kwesikhashana isinqumo senkantolo siphumile abashushisi nommeli womsolwa bathule iziphakamiso zabo ngesigwebo.
OLUNYE UDABA: Osolwa ngokubulala i-Ex uzosilalela namuhla isigwebo sakhe
Ummeli kaKhumalo uPhumelele Danisa ucele inkantolo ukuba iguqule isigwebo, waphakamisa isigwebo seminyaka engu-25.
Ngemuva kokuba uKhumalo exolise kumndnei wakwaMsibi, uDansisa uthe inkantolo kumele imzwele njengoba tshengisa ukuzisola.
UDanisa uqhube ngokuthi uKhumalo nguye owondla izingane zakhe kanti futhi akwenzile ukwenziswe yintukuthelo.
Yize kunjalo, umshushisi wombuso uKrishen Shah ukuchithile ukuxolisa kukaKhumalo wathi akunaqiniso, wathi izithombe ze-CCTV ziveza umsolwa njengomuntu ongenanhliziyo nongenazwelo
Ube esenxusa inkantolo ukuba imgixabeze ngesigwebo esikhulu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
