
Umndeni wezelamani ezimbili ezashona kusha indlu endaweni yasePhoenix enyakatho yeTheku ukhala ngobunzima bokwamukela isimo.
UPradyumna, 30, noPrishni Harisuran, 34, bahaqwe yintuthu ngesikhathi umuzi wabo waseClayfield ugqamuka ilangabi ngeSonto.
Imbangela yelangabi isaphenywa.
Okhulumela umndeni uKevin Singh, uchaze omzala bakhe njengabantu abathobekile futhi abayizinsika kumama wabo naye ongumfelokazi.
Lezi zelamani kubikwa ukuthi yizo ebezibeka isinkwa etafuleni.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
