UYABALISA UNABI NGENDUKU AYITHOLE KWI SUNDOWNS – NABI

Umqeqeshi we Kaizer Chiefs uNasredine Nabi uthi beyiqembu laMakhosi bekufanele beyishaye iMamelodi Sundowns emidlalweni we Betway-premiership osukwini lwangomngqibelo kodwa bahluleka bancama njengoba iSundowns kwiyona egcine ithole amaphuzu amathathu kulomdlalo njengoba igcine inqobe ngegoli elilodwa eqandeni nokwigoli elivalelwe phakathi uLucas Ribeiro.

UNabi uyasho ukuthi ezakhe izona ebezinomdlalo omuhle kulomdlalo futhi kwiyona iChiefs ethole amathuba ancono kakhulu ukuneMamelodi Sundowns, UNabi uthi akajabule neze ngalomphumela futhi awamukeleki kalula, ube eseqinisekisa ukuthi emidlalweni olandelayo bazokwazi ukucosha amaphuzu agcwele,iChiefs izobhekana neMagesi mhlaka 04 March 2025 eFNB ngo 19:30.

Amakhosi azoya kulomdlalo ahlezi kunombolo 8 kwiligi ye Betway-premiership ngamaphuzu angu 25,kanti bazogijima lomdlalo ngaphandle kuka Thabo Cele ozobe edonsa isigwebo samakhadi aphuzu.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)