SIMBI ISIMO KWINKAMPANI EXHASA IBAFANA-BAFANA.

Inkampani engabaxhasi bejezi kwiqembu lesizwe iBafana Bafana iLe Coq Sportif ezinze eFrance sekuvele izindaba zokuthi ibhekene nezinkinga zezimali nokuholele ekutheni lenkampani ifakwe ngaphansi komlawuli ozoyibheka izinyanga eziyisithupha, ngaphandle kokuxhasa iBafana Bafana ILe Coq iphinde ibengabaxhasi beStellenbosch fc egijima kwi Betway Premiership.

. Nakuba iLe Coq ibhekene nezinkinga zezimali kodwa angeke lokhu kuphazamise ukuthi lenkampani iqhubeke nokuxhasa iBafana Bafana ne Stellenbosch fc, ngokusho kukamqondisi wezokudayisa kulenkampani uRoger Noades uthi noma bebhekene nezinkinga eFrance kodwa eNingizimi Afrika konke kusahamba kahle njengoba benezitolo ezingu 54 lana emzansi kanti futhi nokuthengwa kwamajezi kuhamba phambili.

.ILe Coq isayine isivumelwano ne South African Football Association ngo March ngo 2020 lapho eyazibophezela khona ukuxhasa iBafana Bafana ngomjezi kuze kushaye uDecember 31 ka 2025,njengoba izinto kubonakala zisahamba kahle kwiBafana Bafana lokho sekunyuse nezinga lokuthi abathandi bebhola kuleli belithenge ijezi leBafana Bafana.

.IBafana Bafana kubhekwe ukuthi iqhubeke nalaba baxhasi njengoba bezoba yingxenye yemidlalo ye Africa cup of Nations.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

One thought on “SIMBI ISIMO KWINKAMPANI EXHASA IBAFANA-BAFANA.

  1. **mitolyn official**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *