I-ORLANDO PIRATES ICACISA NGODABA LUKA SALENG.

Selize laphumela obala iqembu le Orlando Pirates ngodaba elokhu livelile emthombeni yabezindaba eyokuthi umdlali waleliqembu Malonnapule Saleng ufunwa amaqembu ahlukahlukene agijima kwiBetway Premiership, ngokwesitatimende esikhishwe iPirates sikuveza ngokusobala ukuthi lezindaba zingamapunge futhi alikho iqembu abake bakhuluma nalo mayelana nalomdlali.

.USaleng uyiqale ngegiya eliphezulu isizini kodwa njengamanje kubonakala sehla isibalo semidlalo ayidlalayo kuleli qembu elihlezi endaweni yesibili kwiligi yeBetway premiership,akusiyena kuphela uSaleng okhonjwa emaqenjini ahlukahlukene njengoba UMaswanganyi naye kuvela izindaba zokuthi kunamaqembu amgaqele phesheya kwezilwandle, khonamanjalo uhlehlisiwe umdlalo we Orlando Pirates obekufanele iwudlale osukwini lwanamhlanje ne Royal Am enkundleni yezemidlalo eHarry Gwala Stadium, eZimnyama zizobonakala enkundleni osukwini lwangesonto lapho izobhekana khona ne Richard’s bay fc kumqhudelwano we Nedbank cup eKing Zwelithini Stadium, emlazi.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *