
- Umqeqeshi we Stellenbosch Steve Barker uthi ujabule ngendlela abadlali bakhe abakhombise ngayo ukuzinikela osukwini lwayizolo beshaya iqembu laMazulu fc kumdlalo we Betway-premiership ububanjelwe eKing Zwelithini Stadium eMlazi izolo ebusuku, amagoli eStellenbosch fc avalelwe phakathi Lekoloane ngomzuzu ka 34 esiwombeni sokuqala, elesibili libe selibuya nensizwa Titus ngomzuzu ka 57 kuthe kusenjalo kwaphinde kwabuya Butsaka ngomzuzu ka 60 Amazulu athe esadidwe ilamagoli amathathu waphinde wabuya futhi uTitus ezoshaya elesine ngomzuzu ka 66,nakuba besekubonakala ukuthi iStellenbosch ukuthi sesiqedile ngoSuthu uJabaar we Stellies ubuye ngegoli lokugcina eligcwabe Usuthu okwenze Amazulu ashaywe ngempama yamagoli amahlanu.
- iqembu le Stellenbosch beliza kulomdlalo nje lisanda kuthola isibhaxu sika 5-0 beshaywa i Rs Berkane kumqhudelwano we Caf Confederation s cup, uBarker uthi ujabule kakhulu uma iqembu lakhe libuyisa izinduku ngalendlela elenze ngayo, njengamanje ezika Barker zihlezi endaweni yesikhombisa kwiligi yeBetway premiership ngamaphuzu angu 19.
- Osukwini lwangesonto iStellenbosch izobuyela enkundleni ngesonto elizayo ngolwesibili njengoba izobhekana ne Kruger united kumqhudelwano we Nedbank cup last 32.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
