
I-Statistics South Africa (Stats SA) ithi kulahleke eminye imisebenzi engu-16 000 kwikota yesibili yonyaka.
URisenga Maluleke, oyi-Statistician-General kwa-Stats SA, ukhiphe izinombolo zabasebenzi bekota yesibili ka-2026 ngoLwesibili.
UMaluleke uthi izibalo zakamuva ziveza ukuthi imakethe yezabasebenzi eNingizimu Afrika isibuyele emuva kakhulu lapho yayimi khona eminyakeni eyishumi eyedlule.
OLUNYE UDABA:Statistic SA: Lehle ngo-0.5% laya ku-31.4% izinga labantu abangasebenzi
Isibalo sabantu abangasebenzi sikhuphuke ngo-345 000 saya ku-8.5 million, kanti ukuqashwa kwehle ngo-16 000 kwaya ku-16.7 million.
UMaluleke uthi, “Ake sibheke labo (abangaphandle) kwabasebenzi. Vele, abafundi bebelokhu behamba phambili kulokhu. Sebekhuphuke ngephuzu elilodwa lephesenti kanti ikota nekota ishintsha ngo-101 000.
“Abantu abafuna umsebenzi asebelahle ithawula behle ngo-1.1% ngokulahlekelwa yimisebenzi engu-227 000.
UMaluleke uthi eminyakeni eyishumi eyedlule, izinga lokwamukelwa lalingu-42.5%, kanti izinga lokubamba iqhaza kwabasebenzi lalingu-57.9%.
#SAunemployment || The Black African unemployment rate has consistently been higher than the national average and other population groups over the past 10-year period.
— Statistics South Africa (Stats SA) (@StatsSA) August 11, 2026
Read more here: https://t.co/UdxPIzVzBN#StatsSA #KnowYourStatsZA #GovZAUpdates #SAemployment #SApopulation pic.twitter.com/gxC2Bq8A2v
