Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

INkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu, ivune uMengameli Cyril Ramaphosa esicelweni sakhe esiphuthumayo abesifake kuyona ukuthi ikomiti lasePhalamende lingaqhubeki nezinhlelo zokumthathela izinyathelo ngodaba lwePhala Phala.

Yize kuphume lesi sinqumo kodwa kuvele ukuthi ayiphelile indaba yalolu daba njengoba isinqumo sokuthathela umengameli izinyathelo kulolu daba sisazocutshungulwa.

Ngokwezinhlelo ezikhona udaba lwePhalaphala lusazocutshungulwa enkantolo ngoSeptember nonyaka.

OLUNYE UDABA: Icala lokweba ePhala Phala liqala namuhla ukuqulwa

Ikomiti lePhalamende elisingethe udaba lokuthathelwa kukaMengameli izinyathelo nalo seliphumele obala ukuthi akukho elizokwenza manje kuze kube kuphuma isinqumo enkantolo ngoSeptember, okuyisona esizohlahla indlela ngokuzokwenzeka.

Amanye amaqembu epolitiki asekhombise ukungagculiseki njengoba eveza ukuthi owayenguMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhebane waya kule nkantolo efake isicelo esifanayo nesikaMengameli Ramaphosa, kodwa iyona eyanquma ukuthi aluqhubeke uhlelo lokuthi athathelwe izinyathelo.

UMengameli Ramaphosa naye usekhiphe isitatimende emukela isinqumo senkantolo, wathi uyasihlonipha.

Okhulumela iPhalamende, uMnu Moloto Mathapo, uthe okwamanje akukho okuningi abazokusho ngoba okushiwo yijaji kube yisinqumo esikhiwe phezulu akuvezwanga yonke into eshiwo yithimba lamajaji abehlalele lolu daba.

Uthe okwamanje basazohlangana nabameli kube yibona abazobachazela konke ngaso.

Intatheli yeLanga