
IKhomishana yeziNsizakalo zikaHulumeni (iPublic Service Commission) isiveze ukukhathazeka ngalokho ekuchaza njengokusetshenziswa kabi kwemali yomphakathi.
IKhomishana iveze ukuthi uhulumeni usebenzisa cishe imali engu-R800 million ngonyaka kubasebenzi bakahulumeni abamisiwe.
OLUNYE UDABA: Izoqala ngoMsombuluko ozayo inqubo yokukhokhelwa kwabafaka izimali zabo ebhange Ithala
Njengamanje kunabasebenzi abangu-674 eabamisiwe kuhulumeni kazwelonke nowesifundazwe, kanti bangaphezu kwabangu-500 asebemiswe isikhathi eside kunesikhathi esinqunyiwe nesisemthethweni sezinsuku ezingu-60.
USihlalo weKhomishana, uSomadoda Fikeni, uthi, “Ngesikhathi ngifika kwiKhomishana yeziNsizakalo zikaHulumeni, ngatshelwa ukuthi kukhona umuntu obekade emisiwe emsebenzini ekhokhelwa ngokugcwele iminyaka engu-12. Omunye wabekwa ekhefini elikhethekile, ngicabanga ukuthi seliqhubeke iminyaka eyisikhombisa. Kodwa nokho umthethonqubo womkhakha kahulumeni uthi muntu angamiswa izinsuku ezingu-60 kuphela. Noma yini engaphezu kwalokho, kufanele kube usihlalo wekomidi lokuqondisa izigwegwe ocele ukwelulwa kwesikhathi ngesikhathi esifanele. Kodwa lokho esikubonile kwenzeka kuwukusetshenziswa kabi kohlelo.”
