Usephenduke isithandwa sabalandeli uMbokazi

Umdlali osemncane we-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, ongowokuzalwa eHluhluwe usephenduke ithemba labalandeli be-Orlando Pirates.

Lomdlali useqokwe njengomdlali ovelele wosuku ngesikhathi eZimnyama ziguqisa iMamelodi Sundowns ngamagoli amabili kwelilodwa.

Amagoli ePirates avalelwe phakathi uMafokeng kwathi elokubika leSundowns lashaywa uMudau.

UMbokazi uthi beze kulo mdlalo umqeqeshi uJose Riveiro ebatshelile ukuthi kufanele befele enkundleni. Lo mdlali osephenduke isilomo kuleli qembu usezitholele nesiteketiso esithi i-TLB ngendlela ibhola alibamba ngayo.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi weBafana Bafana ukhathazekile ngebhola le-Chiefs

Ngasohlangothini lweligi, uMbokazi uthi isicoco asakahambi kodwa bona bazolwa beze befike ekugcineni.

Njengamanje ezimnyama zihlukaniswe amaphuzu angu-15 neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwiligi ye-Betway Premiership.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *