
Umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, uthi uzimisele kakhulu ngokuthatha amaphuzu amathathu agcwele uma sebebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngo-15:00.
UBarker uthi uyazi ukuthi kuzobe kungumdlalo ongelula kodwa unalo ithemba lokuthi uzowunqoba lomdlalo.
OLUNYE UDABA: Qhude manikiniki zindala zombilo, ubani ozoba umpetha omusha weNedbank Cup
Emdlalweni odlule iStellenbosch sibhaxabule iGolden Arrows ngamagoli amathathu eqandeni.
Njengamanje ezikaBarker zihlezi endaweni yesine ngamaphuzu angu-44, kanti iMamelodi Sundowns iza kulo mdlalo nje isidinga amaphuzu amane agcwele ukuze ibe ngompetha abasha beBetway Premiership.
Andile “Andizo” Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
