SADTU: Isabelomali saseKZN kumele silungise ukushoda kwezikole

Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal icele ukuthi isabelomali sika-R71 billion esabelwe uMnyango wezeMfundo waseKZN sisetshenziswe ngobuhlakani.

Inyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) eKZN ithi imali idinga ukuphathwa ngokucophelela ukuze kuxazululwe izinselelo ezifana nokushoda kwezincwadi kanye nezinkinga zokuphepha ezikoleni kuso sonke isifundazwe.

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezeZimali uFrancois Rodgers uchaze ukuthi isabelomali sika-R168 billion saseKZN sika-2026/27 sizokwabiwa kanjani eminyangweni kahulumeni.

Ngesikhathi esethula eSishayamthetho saseKZN, uNgqongqoshe umemezele ukuthi imfundo izothola isabelo esikhulu kunazo zonke sika-R71 billion, kusukela ku-R66.7 billion ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: I-Sadtu igxeka owezemfundo eKZN ngokuhoxisa imvume yokuthatha umhlalaphansi

I-SADTU e-KZN isamukele lesi sabelo kodwa yabe isigcizelela ngezinselelo eziqhubekayo ezikoleni kusukela ekuqaleni konyaka wezifundo.

Okhulumela i-SADTU uNomarashiya Caluza uthe abafundi nothisha kudingeka bazuze ngqo kwisabelomali.

“Njengoba sikhuluma, izikole azinazo izincwadi ngoba azinikwanga imvume yoku-oda lezo zincwadi. Ngakho-ke, lokho kukodwa kukutshela ukuthi kunabafundi okumele babelane izincwadi njengoba sisenyangeni yesithathu onyakeni wezemfundo.

“Izikole azikayitholi imali yazo eyisisekelo. Izikole zethu kumele zibe yindawo ephephile yokufundisa nokufunda. Siyazi ukuthi iningi lezikole zethu alinabo onogada, okwenza ukuthi nalezo nsizakusebenza ezincane ezisuke zikhona ziyebiwe uma kugqekezwa isikole.”

Newswatch