Popcru igxeka uphenyo lukaMkhwanazi ithi ‘alunasisekelo’

Inyunyana yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union, isibize uphenyo lwephoyisa eliphezulu KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi, ngokuthi “alunasisekelo”.

Owe-Popcru eKZN, uNthabeleng Molefe uthi,”Lokhu sikubheka njengokuhlaselwa komuntu okuqondiswe kuye ngqo futhi sigculisekile ngokuzibophezela kwakhe kanye nemizamo yakhe yokusebenzisana namalungu ethu ukulwisaneni nobugebengu.”

OLUNYE UDABA: I-IPID yethula uphenyo ngephoyisa eliphezulu eKZN

I-Independent Police Investigative Directorate iphenya uMkhwanazi mayelana nezinsolo zokusebenzisa kabi amandla.

Lokhu kungemva kokuba i-IPID ithole izikhalo eziningi lapho uMkhwanazi esolwa ngokuphazamisa ukuboshwa kwesikhulu esiphezulu sezokuhlunyeleliswa kwezimilo eminyakeni emibili edlule.

UMkhwanazi uzichithile lezi zinsolo, wathi ziwumkhankaso wokumubeka kabi.

UMolefe uthe bamile ebunyeni nokhomishana.

“Sinxusa labo abazama ukubukela phansi imizamo yakhe, babheke kabusha izenzo zabo futhi bamvumele ukuthi aqhubeke nokusebenzela ukuthuthukisa imiphakathi yethu.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *