Namanje akukaboshwa muntu ngombhikisho onodlame womphakathi waBaqulusi

Kuneziphakamiso zokuthi kuboshwe abantu ngemuva kombhikisho womphakathi eBaqulusini ophenduke waba nodlame.

Izakhamuzi zaseMondlo zigcwale imigwaqo ngasekuqaleni kwale nyanga zizwakalisa ukuphatheka kabi ngenxa yokuphazamiseka kukagesi kulandela ukuncishiswa kwawo.

Kushiswe amahhovisi amabili kamasipala ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho ethathe izinsuku ezimbalwa.

Amaphoyisa kumasipala osenyakatho neKZN athi aphenya amacala angu-18 ahlobene nalolu thuthuva.

OLUNYE UDABA: Odokotela abangasebenzi babambe umbhikisho ehhovisi likaNdunankulu

USolwazi Shelembe weDA osekomitini lezezimali kuBaqulusi uthi bafuna kungenelele uKhomishana waseKZN uNhlanhla Mkhwanazi.

“Ingqalasizinda kamasipala idilizwe ngenyanga edlule. Abantu bebentshontsha ikhebula, kanti akekho noyedwa oboshiwe ngaleo senzo. Sibona sengathi lolu wuhlaka oludidiyelwe namanye amalungu amaphoyisa ophiko lwe-SAPS. Asithembi ukuthi amaphoyisa i-SAPS eMondlo ngokuphenya izindaba ezithinta ukumbiwa kwengqalasizinda yethu.

“Sithi uMkhwanazi akabhekisise isicelo sethu sokuthatha lawo macala avulwa.”

Newswatch