Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola besebenzisa imininingwane yamaphoyisa

Amaphoyisa ophiko lwe-South African Service (SAPS) axwayisa amalungu omphakathi ngomkhonyovu osusabalele ezifundazweni ezahlukene omayelana nezincwadi zomgunyathi ezibonakala sengathi ziphuma kwa-SAPS.

Lezi zincwadi zomgunyathi, ngokuvamile zisatshalaliswa enkundleni yezokuxhumana i-WhatsApp kanti zinayo yonke imininingwane yamaphoyisa okubalwa, i-logo yakwa-SAPS, amagama nemininingwane yokuxhumana yamaphoyisa aphezulu kwa-SAPS.

Lezi zigilamkhuba zisebenzisa le mininingwane ukukhohlisa abantu ukuthola imininingwane yabo zizenza amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa abantu baKwaMashu ngezigebengu ezizenza amaphoyisa

Okuqukethwe yile ncwadi kuvame ukuhlelwa ngokwendawo isisulu esihlala kuyo kushintshe amagama, ikheli nemininingwano yabantu okuxhunyanwa nabo ukuze abakwenzayo kukholakale. Kwezinye izimo le miqhafazo yaku-WhatsApp ilandelwa yizingcingo ezivela kubantu abazenza amaphoyisa beqamba amanga ngokuthi kunamacala obugebengu abavulelwe wona.

I-SAPS inxusa umphakathi ukuthi ungayiphenduli le miqhafazo noma udalule ngemininingwano yabo yamazisi, ikheli nemininingwane yasebhange.

Okumele ukwazi ukuthi abakwa-SAPS abaxhumani nomphakathi ngo-WhatsApp noma ngezingcingo zama-video.

Ngokwesitatimende samaphoyisa kunxuswa noma ngubani othole noma ophendule le miqhafazo yomgunyathi ukuthi abikele amaphoyisa aphinde avule icala esiteshini samaphoyisa esiseduze.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *