
Iziphathimandla zixwayisa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal ngokuthi zingawubasi umlilo ezingeke zikwazi ukuwubhula.
IMenenja Jikelele yeKZN Fire Protection Association, uSimon Thomas, “Ungadlali ngomlilo, ungashisi ingadi, udoti noma yini eyimfucuza, ngaphansi kwalezi zimo ngenxa yokuthi umlilo ungaphuma esandleni.”
Isifunda esisenyakatho yesifundazwe njengamanje singaphansi kwesaziso ngezimo eziyingozi kakhulu zomlilo.
OLUNYE UDABA: Inhlangano i-Abahlali baseMjondolo iqala umkhankaso wokufundisa ngezokuphepha ebusika
I-Fire Danger Index yangoMsombuluko ikhuphukele esigabeni sika- 75, uThomas athi siyingozi kakhulu.
Isilinganiso sibonisa ukuthi umlilo ovuthayo kunzima ukuwulawula, futhi kungenzeka usabalale ngokushesha ubeke usongo ezimpilweni nasezimpahleni.
Uthi ukubhula umlilo ngaphansi kwalezi zimo akukona nje ubudedengu, kuyicala.
“ Uma ubona intuthu okanye yiluphi uphawu lwentuthu, vele ubike enhlanganweni yangakini yokuvikela umlilo noma izicishamlilo endaweni ohlala kuyo, ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele.
“Uma ungumnikazi womhlaba, kuwumsebenzi wakho kanye nesibopho sakho ukuqinisekisa ukuthi, lowo mlilo unqandwa ngokushesha ngangokunokwenzeka ngaphambi kokuba udale omunye umonakalo.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
