Iziphathimandla e-KZN zibala izindleko zomonakalo odalwe yizimvula

Iziphathimandla zibheka izindleko zomonakalo ngemuva kwezimvula ezinamandla ezihlasele ezindaweni zeTheku ngesonto eledlule.

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uthe sebewunikeziwe umbiko wokuqala.

Bangaphezu kuka-1200 abantu asebethintekile njengoba kunemizi engaphezu kuka-50 ecekeleke phansi okanye ingxenye yayo yaseMlazi, eningizimu yeTheku.

OLUNYE UDABA: Imindeni ithuthele ezindlini zesikhashana kulandela izimvula ezinamandla eThekwini

Ngempelasonto, imindeni elinganiselwa kwengu-16 ithuthelwe ezindaweni zokukhosela zesikhashana.

Okhulumela uMnyango, uNdabezinhle Sibiya uth, “Sizophinde siveze ukuthi mingaki imiphakathi edinga indawo yokukhosela, ngoba ithimba elijutshiwe njengamanje lenza umlando ngemizi.”

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uThembi Simelane kulindeleke ukuthi ahambele izindawo ezithintekile ngoLwesibili.

Khonamanjalo, abe-SA Weather Service bathi kuzoba yisonto lemvula eKZN.

Isangoma sezulu uWiseman Dlamini sithe maningi amathuba okuthi imvula inethe ezindaweni ezisenyakatho ngoMsombuluko.

“NgoLwesibili, angu-30% emvula ezindaweni ezisenyakatho-mpumalanga yesifundazwe. NgoLwesithathu, abe ngu-30% amathuba emvula ezindaweni eziseningizimu.

“Kuphinde kube nokunye obekungalindelekile ngoLwesine, ngamathuba angu-30% e-KZN yonke, kanti alindeleke ukuba abengu-60% ngoLwesihlanu,” kusho uDlamini.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *