INgqungquthela yamaPhoyisa: Kudingidwe ngamasu okulwa nobugebengu

UMengameli uCyril Ramaphosa ugcizelele isidingo sokusebenzisa indlela ekahle emsebenzini wamaphoyisa, exwayisa ngokuthi ukuphepha kanye nokuzinza kwezwe kuncike kumaqhinga asebenzayo okulwa nobugebengu.

Ubekhuluma ngesikhathi kuvulwa iNgqungquthela Yamaphoyisa ebibanjelwe e-Emperor’s Palace eBoksburg, eKurhuleni, namuhla, 8 April 2025.

Le ngqungquthela yezinsuku ezintathu ihlose ukucabangisisa ngamaqhinga amanje okusebenza kwamaphoyisa kanye nokuhlola izindlela ezintsha ezisebenza ngempumelelo zombutho wamaphoyisa akuleli iSouth African Police Service (SAPS).

Le ngqungquthela izophothulwa ngoLwesine, ngomhlaka-10 April.

UNdunankulu waseGauteng, uPanyaza Lesufi, ukhulume wangananaza ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, ethi izwe libhekene nekusasa elingelihle uma lihluleka ukunqanda ubugebengu.

“Uma singakwazi ukubhekana ngqo nobugebengu, kumele sikhohlwe nokuletha izivakashi ezweni lethu,” kusho uLesufi.

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola unxuse amaphoyisa ukuthi azivikele uma ebhekene nezinsongo zobugebengu.

“Inhloso yethu ukuthi kugwetshwe izigebengu, zivele enkantolo zigwetshelwe amacala ezisuke ziwenzile, kodwa uma zikhetha ukunininga izinkinga, amalungu akwa-SAPS kumele abhekane nazo alwele wona nezwe,” kusho uMasemola.

Ukhomishana uphinde wagcizelela ukuthi uma ehluleka ukuzimela azilwele angazithola ekobandayo.

“Uma bengazilweli, kuzoba nomngcwabo,” kuxwayisa ukhomishani.

OLUNYE UDABA: I-IFP yenze isifungo sokuthi uhulumeni uzoziphendulela ukuze aqinisekise ukuthi ukunyuswa kwe-VAT akuthwalisi kanzima abampofu nabasebenzi

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uvumile ukuthi kunezinselelo ezijulile ezikhona ohlelweni lwamaphoyisa.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uvumile ukuthi kunezinselelo ezijulile ezikhona ohlelweni lwamaphoyisa.

“Phakathi kwezinto esesizibonile ukuthi kumele sazi kahle ukuthi singalilawula kanjani izwe ngendlela efanele nangempumelelo njengoba amaphoyisa emancane kunesibalo sabantu ezweni, izinkinga zesabelomali, nalapho kunezinga eliphezulu lobugebengu nenkohlakalo, ikakhulukazi ezifundazweni ezine ezinkulu ezweni lethu okuyi-Gauteng, KwaZulu-Natal, Eastern Cape neWestern Cape,” usho kanje.

UMchunu uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngezinga lokubulawa kwabantu, kanjalo nodlame nokubulawa kwabantu besifazane (Gender Based Violence Femicide-GBVF).

“Sikhathazekile nokutholakala kalula kwezibhamu, ikakhulukazi izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezidakamizwa,” usho kanje, wengeza ngokuthi ukwehlisa ubugebengu obuhleliwe kuseseqhulwini.

URamaphosa uveze ukuthi ukuzibandakanya komphakathi kuzoba semqoka kakhulu ekuphumeleleni kwanoma yiliphi iqhinga lokulwa nobugebengu.

“Siyazi ukuthi imiphakathi inamandla okulwa nobugebengu. Ubugebengu buyenzeka emiphakathini, kanti izigebengu zijwayele ukwaziwa emiphakathini.

“Kusukela kule ngqungquthela, sidinga uhlelo olucacile lokuthi singayibandakanya kanjani imiphakathi futhi ngendlela engcono ekuvimbeleni nasekuhlonzweni kobugebengu, nasekusebenziseni amandla abaqhaphi bemiphakathi (Community Policing Forums) ngokuhambisana nemithetho nemithethonqubo efanele.

“Izakhamizi kumele zinikezwe amandla okubamba iqhaza elibonakalayo emizamweni yokunqanda ubugebengu ngokusebenzisana, ukuqwashisa kanye nezinhlelo eziqhutshwa umphakathi ukuze kwakhiwe izindawo eziphephile.”

The Citizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *