
I-AfriForum icele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ukuba axolise esidlangalaleni kuJaco Pieterse onguthishanhloko waseBergview College e-Eastern Cape.
Uphiko lwezokushushisa oluzimele lwe-AfriForum, oluholwa ngu-Advocate Gerrie Nel, lumele uthishanhloko abathi usolwa ngokungafanele ngokuba ngumsolwa ecaleni lokudlwengula umfundi oneminyaka eyisikhombisa ubudala wakulesi sikole.
Le nhlangano isole uMchunu ngokwenza izinsolo ezingelona iqiniso ngothishanhloko nokungayilungisi imininingwane emphakathini mayelana nophenyo ecaleni lokudlwengula.
Okhulumela i-AfriForum, uBarry Bateman, uthe bazosiza uthishanhloko ngokuvulela uMchunu amacala okwehlisa isithunzi.
OLUNYE UDABA: #JusticeforCwecwe: I-MK ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa esule esikhundleni sakhe ngokudukisa abantu
“Sikhiphe isitatimende ngoMgqibelo wangesonto eledlule sisho ukuthi uPieterse, okuyiqiniso ukuthi akakaze abe ngumsolwa odabeni, akakaze athathwe kanjalo futhi ubesebenzisana kahle namaphoyisa. Ungqongqoshe ngemuva kwamahora amane wakhipha isitatimende esisho okuphambene. Ukuthi empeleni, uPieterse ubengumsolwa, lokho wakuyeka isonto lonke njengoba izwe lonke belicabanga ukuthi ungumsolwa. lokhu sekuyilimazile impilo yalo thishanhloko, kwalimaza nomphakathi wesikole kanti lokhu bekungeke kwenzeke ukube ungqongqoshe wakhuluma iqiniso kwasekuqalei. kodwa-ke ngoba akazange alikhulume iqiniso kuzoba nemiphumela.”
Khonamanjalo, ngesonto eledlule uMchunu uthe kwenziwa isampula yolibofuzo ecaleni lengane eneminyaka eyisikhombisa ubudala yase-Eastern Cape okusolwa ukuthi yanukubezwa emagcekeni esikole sakhe.
UMchunu uthe bathathu abantu abathintekayo kulolu phenyo.
UMchunu wenze lesi simemezelo ePitoli lapho kade etshela abezindaba ngenqubekelaphambili ophenyweni lwezinsolo zokudlwengula.
Ingane eneminyaka eyisikhombisa yaseMatatiele, e-Eastern Cape kusolwa ukuthi yanukubezwa ngokocansi emagcekeni esikole ngonyaka odlule, ilinde ezoyilanda ayihambise ekhaya.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
