Akasekho emhlabeni uPope Francis

Kubikwa ukuthi ushone namuhla ngoMsombuluko wePhasika, ngomhlaka-21 April 2025, eneminyaka engu-88 endaweni ahlala kuyo eCasa Santa Marta yaseVatican.

Ngezithuba zabo-9:45 AM, uKhadinali Kevin Farrell weCamerlengo we-Apostolic Chamber, umemezele ngokushona kukaPapa Francis waseCasa Santa Marta ngala mazwi:

OLUNYE UDABA: UKhongolose udlulise awenduduzo emndenini womlingisi weSidingo:The Need

“Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngokudabuka okukhulu kufanele ngimemezele ukudlula emhlabeni kukaBaba wethu Ongcwele uFrancis. Ngezithuba zabo-7:35 namhlanje ekuseni, uMbhishobhi waseRome, uFrancis, ubuyele endlini kaBaba. Impilo yakhe yonke yayinikezelwe enkonzweni yeNkosi neBandla Lakhe.

“Wasifundisa ukuphila izindinganiso zeVangeli ngokwethembeka, isibindi, nothando olusemhlabeni wonke, ikakhulukazi ukuvuna abampofu kakhulu nabakhishwa inyumbazana. Ngokubonga okukhulu ngesibonelo sakhe njengomfundi weqiniso weNkosi uJesu, situsa umphefumulo kaPope uFrancis othandweni lwesihe olungapheli lukaNkulunkulu Oyedwa Noziqu-zintathu.”

Amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana alokhu ezungeze njalo.

VaticanNews

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *