Azikho izehlakalo ezibikiwe ngemfuyo kula makhaza

Inhlangano yabalimi, i-African Farmers Association of South Africa (AFASA) ithi abalimi baKwaZulu-Natal abakabiki zehlakalo ezinkulu kuze kube yimanje

I-AFASA e-KZN ithi iqaphe umthelela wesimo sezulu esibi esiqhubekayo kubalimi.

Abakwa-South African Weather Service (SAWS) babexwayise ngokulahlekelwa okuhlukile kwemfuyo nezitshalo esifundeni saseningizimu-ntshonalanga, esingaphansi kwesibikezelo sezulu sika-Yellow Level 2 mayelana nokukhithika okuphazamisayo.

Izikhulu zezokuthutha zisebenze ubusuku bonke ukuvimbela iqhwa ukuthi lingakhi emigwaqweni emikhulu.

OLUNYE UDABA: Kucelwe abalimi baKwaZulu-Natal ukuba bavikele imfuyo kula makhaza angenayo

ULloyd Hadebe we-AFASA uthi base bexwayise abalimi ukuthi balungiselele isimo sezulu, futhi baqinisekise ukuthi imfuyo inakekelwa kahle.

Uthi kuze kube yimanje, abalimi azikho izehlakalo ezinkulu asebezibikile.

“Ukukhathazeka kwethu ukuthi ngoba kusebusika kanti emasimini, utshani abenele izilwane, kuzoba kubi kakhulu kubalimi bethu abancane.

“Kodwa Njenge-AFASA namalungu ethu besisilungele lesi simo sezulu.”

Newswatch