Kucishe kwaphuma isidumbu kuxabana abashayeli emgaqweni

Kulimale kabi umuntu oyedwa kulandela isigameko sodlame emgaqweni uNanda Road eduze nendawo yaseChina Mall namuhla ekuseni.

Abosizo lokuqala i-KZN VIP Emergency Medical Services baphuthume endaweni yesigameko ngokushehsha kulandela ukuthola imibiko ngokulimala komuntu obedinga usizo lokwelashwa.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yeisgameko bathole ukuthi kube nengxabano phakathi kwabashayeli kanti ngesikhathi sesigameko, omunye wabashayeli kubikwa ukuthi uphume emotweni yakhe wagwaza omunye umshayeli.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe owesilisa ebanjwa inkunzi eVerulam

Isisulu silimale kabi, sopha kakhulu abosizo lokuqala bengakafiki endaweni yeisgameko.

Abosizo lokuqala bakaw-KZN VIP babe sebexilonga umshayeli othole ukulimala kwathi ngenxa yobunzima bamaxeba waphuthunyiswa esibhedlela eyothola ukwelashwa okungeziwe.

Izimo eziholele esigamekweni sodlame azikaziwa kodwa kuzophenywa.