Ugwetshiwe owabulala intombi engafikanga ngosuku lwe-Valentine

INkantolo yesiFunda yaseVryheid igwebe u-Asanda Fakude iminyaka engamashumi amathathu ebhadle ejele ngokubulala intombi yakhe eyayineminyaka engu-17 ubudala ngesikhathi sesigameko epulazini laseGegund maphakathi nendawo yamaphoyisa aseVryheid ngomhlaka-16 kuFebruary 2026.

Umsolwa wayememe intombi yakhe ukuba izochitha usuku lwezithandani naye, nokho, ayizange isihloniphe isimemo. NgoMsombuluko, wangomhlaka-16 kuFebruary 2026, eholwa yintukuthelo yokungafiki kwayo, umsolwa waqonda isisulu, babanengxabano eyaphetha ngokuthi umsolwa alimaze isisulu saze sashona.

Umsolwa wafihla isidumbu sentombi ezihlahleni eziseduze.

OLUNYE UDABA: Uzilengisile obulale intombi yakhe eHammarsdale

NgoLwesithathu, lwangomhlaka-18 February 2026, uFakude waxhumana noMphathi wamaPhoyisa asePaulpietersburg wavuma icala. Wabe eseboshwa ngokushesha, wakhomba nalapho afihle khona umzimba womufi.

U-Asanda wabe esebekwa icala lokubulala ngemuva kwalokho wavela phambi kwenkantolo, lapho avuma khona icala lokubulala intombi yakhe.

INkantolo yesiFunda yaseVryheid yamthola enecala, yamgweba iminyaka engu-30 ebhadle ejele.