
UMasipala waseThekwini uqinise imizamo yokubuyisa idolobha laseThekwini ngokusebenzisa umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umthetho uyasebenza, nobhekiswe kumabhilidi okuhlalwa kuwo ngokungemthetho enkabeni yedolobha laseThekwini.
Namuhla amaphoyisa aseThekwini agasele ebhilidini elimaphakathi nedolobha iTheku okuhlalwa kulo ngokungemthetho, athola indawo yokuphuzela utshwala engekho emthethweni kanye “nezidakamizwa” namuhla ekuseni.
Le ndawo, eseduze neWarwick Triangle, kukholakala ukuthi iyisidleke sobugebengu. Izikhulu ziphinde zathola eminye imisebenzi engekho emthethweni njengengxenye yemizamo yokubuyisa izakhiwo ezilahliwe enkabeni yedolobha laseThekwini.
Iziphathimandla nazo zimemezele leli bhilidi njengendawo eyingozi.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba kukhishwa umbiko wokuqala ngenhlekelele yeThempeli laseVerulam
Amaphoyisa athi ukugasela kubangelwe ukuthi leli bhilidi belingayithobeli imithetho kamasipala.
Amaphoyisa athole imijondolo eminingi eyakhiwe ngaphakathi kuleli bhilidi, nokulinganiselwa ukuthi bangu-100 abantu abahlala kuyo. Amaphoyisa aphinde athola izindawo zkuophuzela utshwala ezingekho emthethweni ezisebenza kule ndawo.
Bekungakaboshwa muntu kodwa baningi abantu abathathwe ngamaphoyisa ukuyophekwa ngemibuzo.
Amaphoyisa athi izakhamuzi zikhokha imali efinyelela ku-R700 ngenyanga ukuqasha kule mijondolo engaphakathi kuleli bhilidi.
IZITHOMBE:




