
Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal ithi uphenyo lwenkohlakalo lomnyango wezemfundo wesifundazwe kufanele lufinyelele nasezikhulwini eziphezulu ezithinteka ekuqashweni nasekuqokweni kothisha.
Umnyango uqale uphenyo ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi inhloko yezokuxhumana uMuzi Mahlambi wayebandakanyeka ekuthengisweni kwezikhala zothisha okungekho emthethweni.
Inyunyana Kazwelonke yoThisha ithi ukukhawulela uphenyo kumuntu oyedwa kungaba ukungalungi kothisha abafanelekayo abangasebenzi ekubeni kunezikhala okuthiwa zisendalini.
OLUNYE UDABA: I-Sadtu igxeka owezemfundo eKZN ngokuhoxisa imvume yokuthatha umhlalaphansi
“Ngoba sikholwa ukuthi uma lezi zinsolo ziyiqiniso, akukwazi ukuthi kube ngumuntu oyedwa othintekayo ekudayiswnei kwezikhala,” kusho okhulumela uMnyango, uMathemba Mabija.
“Ngakho-ke, sithi uphenyo kumele lujule kakhulu, futhi sicabanga ukuthi uma lokhu kwenziwa ngokushesha, kuzoletha imiphumela emihle, futhi kuzobuyisa ukwethembeka kwe-KZN kanye noMnyango wezeMfundo ngokwezinqubo zayo zokukhetha noma izinqubo zokuqasha.”
UNomarashiya Caluza, unobhala wesifundazwe we-South African Democratic Teachers’ Union (SADTU) uthi kubalulekile ukuthola ukuthi izinsolo ziyiqiniso noma cha.
“Ngingasho ukuthi iyashaqisa le video, futhi kunezinto eziningi ezishiwo kuyo, eziyizinsolo. Kodwa umbono wethu njengenyunyana ukuthi siyavumelana ngokugcwele nesitatimende somnyango sokuthi lokhu kuyinkinga yasekhaya. Into eyodwa into okumele iphenywe, yizinsolo eziphathelene nezinqubo zomnyango,” kusho uCaluza.
