
Kulimale umshayeli weloli ngemuva kokujikijelwa ngemfucuza ngesikhathi sombhikisho eduze nomgwaqo u-service road endaweni yaseProspecton namuhla.
Kukholakala ukuthi bekuqhubeka umbhikisho obuqashwe ngamaphoyisa ngaleso sikhathi.
Ngokwemininingwano etholiwe, umshayeli weloli ubephuma edephu yamakhonteyna ngesikhathi isixuku sabantu sajikijela iloli ngamatshe nangezinye izinto ezilimayo.
OLUNYE UDABA: “Ayinabudlova imibhikisho emelene nabokufika ngokungemthetho kuleli”
Kubikwa ukuthi itshe liphahlaze ifastela leloli labe selishaya umshayeli ekhaanda walimala.
Imibiko iphinde iveze ukuthi ngesikhathi umshayeli ezame ukubaleka, kuthiwa abantu baphihlize amabhodlela bazama ukumhlasela. Ngaleso sikhathi amaphoyisa abe esengenelela, kwathathwa izinyathelo zokuhlakaza isixuku. Ababhikishi babaleka endaweni.
Lo mshayeli ube esehamba endaweni esabela impilo yakhe. Kuzwakale ukuthi uzoya kwadokotela eyothola ukwelashwa.
